
Abasebenzi bosonkontileka abaqashwe inyuvesi, baqhubeka nokuzwakalisa ukungeneliseki kwabo ngendlela abaqashi babo ababaphethe ngayo.
Lokhu kuzwakalisa ukunganeliseki kuqale ngesikhathi abasebenzi beMJL Electrical bekhalaza ngokuthi umqashi wabo akabakhokheli amaholo.
Umsebenzi oqashwe iD.L Electrical, ongafunanga kudalulwe igama lakhe ngenxa yokusabela umsebenzi wakhe, utshele leli phephandaba ukuthi umqashi wakhe ubasongela ngelokuthi uzobaxosha nje, uma bethi bafuna ukujoyina inyunyana yabasebenzi.
“Umqashi wethu akafuni ukuxoxisana nathi, uma kukhona okhalaza ngakho noma okubuzisisayo uyakukhakhabisa akusongele ,” kusho lomsebenzi.
Uqhube wathi umqashi akabaholeli uma begula bengezanga emsebenzini. “Ngisho ungamubonisa incwadi kadokotela akakuholeli, ukutshela ukuthi ongasebenzanga ngeke ahole.”
UMnumzane David Letsie ongumphathi weD.L Electrical uzichithile lezizinsolo, wathi abasebenzi bakhe abakaze bakhalaze ngalutho kuyena. “Abakaze bangitshele lutho mina abasebenzi bami, ngiyamangala nje uma sengizwa sengifonelwa amaphepha. Kodwa ke ngizozama ngihlale nabo phansi ngaphandle kwakho [esho intatheli],” umphathi esesicobelela.
Omunye umsebenzi osebenzela iMV&LV , naye ongathandanga kudalulwe igama lakhe, uthe banenkinga yokuthi umqashi wabo akawathengi amathuluzi okusebenzi kanye nenyunifomu.
“Sifika nawethu amathuluzi uma sizosebenza kodwa kuyenzeka aphuke sisebenza. Kodwa kuyaye kudingeke ukuthi siphinde sizithengele amathuluzi amasha,” esechaza.
Umqashi, uSteven Jonhston, uziphendulele wathi abasebenzi bayabuzwa ukuthi banawo yini amathuluzi abo okusebenza ngaphambi kokuthi baqashwe. Eqhubeka uthe umsebenzi wabo uyabaphoqa ukuthi babe namathuluzi abo.
“Uma kwenzekile saqasha umsebenzi ongenawo amathuluzi akhe, ngiyaye ngimuthengele yena bese engikhokhela kancane kancane emholweni wakhe uma eseqale ukusebenza,” kusho uJonhston.
Ephendula udaba lwenyunifomu, uthe useyi-odile izofika maduzane, “Ngibathengela kanye ngonyaka inyunifomu abasebenzi bami, bese kuthi uma kwenzeka iba nenkinga ngiyayithenga futhi,” esichazela.